Loading...

uKau/ Nkosi Sikelela

uKau/ Nkosi Sikelela

Zimgalazile uKawu iingcosi zikankulunkulu eRamaphosa
Zimgalazile, zibalekile, azaziwa. Isak’ lika Kawu livaliwe
Bathandazile, ibasikelele inkosi yabo kudlulile
Asiqhubekeleni phambili ngok’hlupheka kwethu,lishile, lishile iGrigamba
Bambhastile uKawu, eRamaphosa, bembhastel’ukuthi why emnyama ukundlula bona. Ufunani la?

Aka-khabatrege’ aye eMaputo. Akaboni ukuthi siz’shaye ngokuz’hlupekela thina;
asiz’shayanga ngokuhlutshwa ngamaKwerekwere thina, sise-South Afrika asikho e-
Afrika. Angeke sizohlakaniphelwa amaShangane anuka amakhwapa ne fish.

Futhi lenja yehlise ne-price lokusheva, isibalekisela ama-customer. Uyas-cost(a)
kumele imarshe kwaizolo; sisale thina ma-South Afrikan, ngerhulazo lethu
emaBhunini wethu.

Yini ebaxoshe emakubo? Thina ngeke usibone eSomalia, thina, sinama-pass,
singama - South Afrikans!! NamaBhunu wethu. Aba marshe kwa izolo man!!

Bam’fak’ i-toss neparaz uKawu eRamaphosa, abamzwanga. Bam’ laytile live
lingakashoni, libalele erank-ini yase Ramaphosa.

Nemilotha yakhe kudala yaqhela namanzi wemvula. Nabo queue marshal ba-da
abasamkhumbuli , ufe kudala uKawu.

Uthe uyabaleka wawa, ecabanga uMabhoto wakhe nabantwana bake abakhula
ngemphuphu ne themba.Wathi uzam’ukuthel’ i-pace, wakhathala e-passagini.
Wagabhukeka, wapisha, wavuka sebamnamathele “ooMantshi-mjondolo” ngama
ten-one nama-five pound.

Wathandaza uKawu, wathandaza nges’ Grigamaba bam’ lagga “oGog’jola ne-
pension” base Ramaphosa. Am’rhudula ama community leader. Bam’kapa abafana
bamrhasa nge paraz.

Bengaka- layti bamkhumbuza okok’gcina ukuthi nasezulwini abatshele impela
ukuthi umuntu eSouth Afrika uZulu nabanye. Yena akuyena umuntu. Ayitshele
nenkosi yakhe ukuthi mayimbuyisa, ingambuyisi eyiShangane.

Bam-rolla nge duvet njengo pharoah. Bamrhasa ngesgubhu sika “Baba akasebenzi”
separafini. Bashaya igwij’ l’ka Samora Machel. Zalilizela intsyza zakhona, bashaya
ama-fleyt “ooMjoint”. Bam’faka esekeleini bam-layta.

Wa-screamer uKawu, wazilahlela emhlabathini, ezama ukucima ilangabi lenzondo
kaDarkie. Warolla, wavuka, warolla, wa-screamer, wahlihlizela, waqhuma amehlo,
wasmelta emini ngoMay libalele, uKawu ethandaza.

Kwashukuma iAfrica ngobudala bayo.

Na-vandag, intuthu yegazi lika Kawu isanuka kulela coner laseRamaphosa.

iScream s’ka Kawu sisazwakala kulela corner ekwaphelela ngakhona ubuntu
bomAfrika, becishisa umAfrika, bemshisela ukuthi ubuya ngale kweborder(nyana)
yamasimba.

Bamgalazile uKawu eRamaphosa abo-Darkie.

Bavuka, bageza, bathandaza, babhema, bagibela ama taxi nama-gydo. Bayoklina
ama-office wamaKula namaGxagxa ezweni lokhokho babo.

Sondela, sondela please Jesus Chrismas omhlope onama-blond a-curl(iwe) ne-gown
emhlope nama-sandals.Sifuna wena damn straight uzosithethelela. Sishise
iGrigamba elisiqedela imisebenzi izolo.

Sifa ngawe kuphela Jesus omhlope.

Kungako abantwana bethu befunda ema-multiracial; bekhuluma isilungu nabo Gogo
edlini; benamagama esingawazi nokuthi asho ukuthini; bekwazi ukubiza iBhunu
ngo-Sir, kodwa umAfrica emdala bembiza ngo “My Friend”.

Kungakho simnyama sishada ngama white wedding, si-debat(er) abo Karl Marx
abangakhulumi nangathi.

Asifuni nex efana nathi, efana nathi ayikho grand.

Ko ngako umAfrika eyi-Kwang, kungakho kunoMuntu, kuneShangane, kungako
kunalento esiyibiza ngeSouth Africa.

Sijuthana ngencwadi ka Mathew sizongcwaba uMchunu. Sibiza uJames verse 13
sizo ngcwaba uMphafudi

Sibiza uJesu omhlope wase Nazareth, thina sihlupheka eRamaphosa. Sithandaza
sibheke phezulu, sithandazel’ ubra God ongeke aze asizwe.

As long as i-scream sikaKawu singakapheli

Bamgalazile uKawu eRamaphosa abo Darkie. Bavuka, bageza, bathandaza,
babhema, bagibela ama-taxi nama-gydo, bayo-kleaner ama-ofiice wamaKula
namaGxagxa ezweni labo.

Your Review

RATING

5049 VIEWS
0 Likes

Share To

Makhafula Vilakazi / Koketso Poho (vocals)

Makhafula Vilakazi / Koketso Poho (vocals)

YOU MIGHT ALSO LIKE
uKau/ Nkosi Sikelela

uKau/ Nkosi Sikelela

Aka-khabatrege’ aye eMaputo. Akaboni ukuthi siz’shaye ngokuz’hlupekela thina; asiz’shayanga ngokuhlutshwa ngamaKwerekwere thina, sise-South Afrika asikho e-Afrika. Angeke sizohlakaniphelwa amaShangane anuka amakhwapa ne fish.

comments
Go to TOP